Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi ekwakhiweni kwezichuse zabaholi bomzabalazo uNelson Mandela no Oliver Tambo, leliqembu eliyinxnye yobuholi bokubusa ngokubambisana kuhulumeni lithi idolobha lidinga ukulungiswa kwezinsiza zomphakathi kunokwakhiwa kwezikhumbuzo nokuthuthukisa inqalasizinda.
Ogaqele esekuba ngumaya EThekwini u Haniff Hoosen uthi kuyadumaza ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa egubha lo mcimbi ngesikhathi kunezinkinga ezinkulu zokuhlinzekwa kwamanzi kanye nengqalasizinda eThekwini.
“ITheku lidinga ukuhlinzekwa ngezinsiza, hhayi izithombe. Abantu abaningi bahlala amasonto bengawatholi amanzi ngenxa yokwehluleka kukamasipala ukulungisa ingqalasizinda,” kusho uHoosen.
Uveze ukuthi cishe amaphesenti angama-60 wamanzi ayachitheka ngenxa yokungasebenzi kahle kwemapayipi amanzi. Kwiviki kuyenzeka izindawo ezingaphezulu kwezintathu zibe nezinkinga zamanzi.
U Hoosen uthi idolobha libhekene nenkinga enkulu yokuchitheka kwendle engena olwandle, okuthi ngokwakhe kube nomthelela omubi kwezokuvakasha.
“Indle ingena olwandle kanti izivakashi ebezijwayele ukuza eThekwini sezinciphile ngenxa yale nkinga. Lezi yizona zinto okufanele zibhekwe kuqala, kodwa uhulumeni ukhetha ukusebenzisa imali yomphakathi ezintweni ezingabalulekile,” kusho u Hoosen.
UHoosen uthi iTheku linezindawo zokuhlala ezingekho emthethweni eziningi, lapho izinkulungwane zemindeni zisazabalaza ukuthola izindlu ezinesithunzi.
Amalungu e-DA eThekwini ebebhikisha ngesikhathi kwethulwa lezi zithombe ngenhloso yokukhombisa ukunganeliseki kwawo ngokusebenza kukahulumeni wedolobha.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

