Bagqugquzela Ubumbano Emphakathini Wase Bhambayi.

Date:

 Umphakathi waseBhambayi e Inanda uhlanganyele emcimbini wokukhuthaza ubumbano ngaphansi kwesiqubulo esithi “One Community, One Voice”, lapho izikhulumi ezivela ezinhlanganweni ezahlukene zigcizelele ukubaluleka kokubambisana nokuhlalisana ngokuthula emphakathini.

Lo mcimbi uhehe izakhamuzi eziningi ebezizimisele ukwakha umphakathi onothando, ukuhloniphana nokubekezelelana. Owenhlangano engenzi nzunzu Gandhi Foundation, ugcizelele ukuthi kube nokuthula  kusukela ezinhliziyweni zabantu. Uthe umphakathi kufanele ufunde ukuxazulula izingxabano ngendlela enokuthula, kulandelwe izimfundiso zobuholi obungaholeli ebudloveni.

UNksz Maroon Jevan, omele inhlangano egquqguzela ububano emphakathi I Gandi Foundation, ukhuthaze izakhamuzi ukuthi zisebenzise izindlela ezinhle njengendlela yokwehlisa ingcindezi nokwakha ubunye. Uveze ukuthi uma abantu bezothile ngaphakathi, kuba lula ukuthi babonise uthando nokubambisana kwabanye.

Omunye wezikhulumi, uMasithole Ngcobo ongumhlali waseBhambatha, uthi lo mcimbi uvule amehlo umphakathi ngokubaluleka kokuma ndawonye. “Sifunde ukuthi noma sihlukene ngemibono, singaba yizwi elilodwa uma sibheka ikusasa lomphakathi wethu akungabibikho ozocwasa ngokobuhlanga asibe ngumphakathi owodwa onakekelayo.” Kusho Masithole Ngcobo

Abahleli bomcimbi bathi inhloso enkulu ukuqinisa ubumbano, ukulwa nokuhlukumezana, kanye nokwakha ubudlelwane obuqinile phakathi kwabantu. Baphinde bagcizelela ukuthi imicimbi efana nale izoqhubeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi umphakathi uyakhula futhi uyabambisana.

Lo mcimbi ushiye izakhamuzi zinethemba lokuthi ubumbano luzoqhubeka nokukhula eBhambayi, njengoba wonke umuntu ezimisele ukuba yingxenye yokwakha umphakathi ongcono.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...