HomeEzomphakathiBagubhe Iminyaka Egaphezulu Kwamashumi Amabili Kumkhankaso Wokulwa Nesandulelanculazi.

Bagubhe Iminyaka Egaphezulu Kwamashumi Amabili Kumkhankaso Wokulwa Nesandulelanculazi.

Inhlangano i-AIDS Healthcare Foundation (AHF) igubhe iminyaka engu-25 isebenza eNingizimu Afrika, yagcizelela isidingo sokusheshisa izinhlelo zokulwa negciwane lesandulela ngculazi (i-HIV), ikakhulukazi entsheni, ukuze kufezwe imigomo yomhlaba ka-2030.

Lo mcimbi ubuhlanganise abamele uMnyango Wezempilo, i-World Health Organisation (WHO) nezinye izinhlaka ezibhekele ukulwa ne-HIV, lapho kubhekwe khona inqubekela phambili nezinselelo ezisabhekene nezwe.

UDokotela Aquina Thulare uthe nakuba ukutheleleka okusha nge-HIV kwehle ngamaphesenti angu-51 emhlabeni kusukela ngo-2010, kanti eNingizimu Afrika kwehle ngaphezu kwamaphesenti angu-60, kusekuningi okusamele kwenziwe.

“Umkhondo uyehla, lokho kusobala, kodwa ukwehla akukho ezingeni elifanele futhi akusheshi ngokwanele. Ukuze sifinyelele imigomo ka-2030, kumele sishintshe indlela esenza ngayo izinto,” kusho uDokotela Thulare.

UDokotela Penninah Iutung, oyisekela likamongameli we-AHF, uthe akusakwazi ukuqhubeka nokwenza izinto ngendlela ejwayelekile, ikakhulukazi uma kubhekwa intsha namantombazane asengozini enkulu yokutheleleka.

UDokotela Musa Mangane, omele uMnyango Wezempilo ne-WHO, ubonge i-AHF ngomsebenzi wayo, wathi impi ye-HIV idinga ukubambisana kwazo zonke izinhlaka.

Uthe iNingizimu Afrika isifinyelele kumaphesenti angu-96 kubantu abazi ngesimo sabo, angu-82 kulabo abathola imishanguzo, kanye nangu-97 ekucindezelekeni kwegciwane.

UComrade Mfundisi ugcizelele ukubandakanywa kwabaholi bendabuko nentsha ekulweni ne-HIV, wathi ukugxeka uhulumeni akusho ukubhidliza kodwa kuyindlela yokwakha.

UTerry Ford, obevakashele eNingizimu Afrika okwesikhathi sama-44, uthe leli zwe seliyikhaya lakhe lesibili, wabonga ithimba le-AHF ngokukhulisa izinhlelo zalo ezweni.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular