HomeNewsLiyakhula Izinga Lokuthuthukiswa Kwezobuchwepheshe E Ningizimu Africa

Liyakhula Izinga Lokuthuthukiswa Kwezobuchwepheshe E Ningizimu Africa

UNqonqoshe wezeSayensi, ubuChwepheshe nokuSungula, uSolwazi uBlade Nzimande, uthi ukusebenzisa ubuchwepheshe obuthuthukile nokusebenzisana kwezimboni kungasiza ekuqiniseni umnotho waseNingizimu Afrika kuphinde kuvule amathuba emisebenzi.

UNzimande usho lokhu ngesikhathi evakashele i-Institute for Advanced Tooling eNyuvesi uWalter Sisulu eMpumalanga Kapa, mhla zimbili kuLwezi 2026.

Uthe kubalulekile ukusebenzisa ulwazi lwesayensi nobuchwepheshe ukuthuthukisa ukukhiqizwa kwemikhiqizo kuleli, ukuze izwe likwazi ukuncintisana namanye amazwe.

Uveze ukuthi lesi sikhungo sesisize abantu namabhizinisi angu-568, sakha imikhiqizo engu-54 esekelwe olwazini nakumalungelweni obunikazi, saphinde sathola imali eyengeziwe engaphezu kuka-R5.1 million.

UNzimande uthe izikhungo zobuchwepheshe zinikeza amabhizinisi amancane naphakathi nendawo ithuba lokusebenzisa imishini esezingeni eliphezulu, ukuthola ulwazi nokuthuthukisa imikhiqizo yawo.

Ugcizelele ukuthi lolu sizo kumele lufinyelele entsheni, kwabesifazane, emabhizinisini abantu abamnyama, emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

Uthe kubalulekile ukuthi izikhungo zobuchwepheshe zisabalale kuzo zonke izifundazwe, ukuze amabhizinisi angaphandle kwamadolobha amakhulu nawo athole usizo.

“Uxhaso lokusungula izinto ezintsha akumele iphelele emnyango welebh kusho. Lolu sizo kumele luhambisane nokuqeqeshwa, ukuthola izimakethe kanye nezimali ezifanele, ukuze amabhizinisi akwazi ukukhula”. Kusho u Nzimande.

Ugcizelele ukuthi ukusebenzisana kungasiza ekwakheni izimboni ezintsha, kuthuthukise amabhizinisi kuphinde kunciphise ukuntuleka kwemisebenzi kuleli.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular