Umkhandlu weTheku uthi ukuqoqwa kukadoti kuzoqhubeka njengokujwayelekile ngoLwesithathu, mhla zine kuLwezi 2026, nakuba kuwusuku lokuvota noluyiholide lomphakathi.
Umasipala unxusa izakhamuzi ukuba zibeke izikhwama zikadoti ezimnyama kanye neziluhlaza okwesibhakabhaka eziqukethe udoti wasengadini eceleni komgwaqo ekuseni ngosuku oluhleliwe lokuqoqwa kukadoti.
Uveze ukuthi izikhwama ezisawolintshi eziqukethe udoti ozogaywa kabusha ngeke ziqoqwe ngalolu suku. Izakhamuzi obekumele ziqoqelwe udoti ozogaywa kabusha ngoLwesithathu zicelwe ukuba ziwugcine, ziwukhiphe ngosuku olulandelayo oluhleliwe lokuqoqwa kwawo.
Umasipala ukhuthaze izakhamuzi, amabhizinisi kanye nezivakashi ukuba zibambisane ekugcineni indawo ihlanzekile futhi iphephile ngokulawula udoti ngendlela efanele. Unxuse abantu ukuba bagweme ukulahla udoti noma kuphi nangokungemthetho, baphinde bawukhiphe ngezinsuku ezihleliwe kuphela.
Umasipala uphinde wagcizelela ukuthi abantu abatholakala belahla udoti ngokungemthetho ezindaweni ezivulekile bazohlawuliswa, baphinde bathweswe izindleko zokususwa kwalowo doti. Uthe kubalulekile ukuthi umphakathi uthathe isinyathelo sokulwa nokulahlwa kukadoti ngokungemthetho, ukuze kugcinwe indawo ihlanzekile.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
