Likhulile Izinga Lokubambisana Komphakathi Ne Wonderbrds KwaMashu

Date:

Izakhamuzi zaKwaMashu zihlangane KwaMashu Hub emcimbini wokuhlonipha abasebenzi nabantu abazinikele ekusizeni umphakathi, lapho iGift of the Givers Foundation iphinde yahlinzeka ngokuhlolwa kwamehlo futhi yanikeza izibuko labo abatholwe bezifanele.

Lo mcimbi ubuhloswe ukubonga nokukhuthaza abantu abasebenza ngokuzikhandla ekuthuthukiseni imiphakathi yabo, okubalwa kubo odokotela, amaphoyisa, othisha, osonhlalakahle nabanye abantu abadlala indima ebalulekile ekusizeni abaswele.

U Nonhlanzeko Tracy Mokoena ongumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo i Wonderbirds, uthe inhloso yosuku bekuwukubungaza nokubonga bonke abantu abelula isandla ekusekeleni umsebenzi wenhlangano yakhe.

Uthe kubalulekile ukubona nokwazisa abantu abazinikelayo ekusizeni abanye, ikakhulukazi labo abenza umsebenzi omuhle bengalindele ukubongwa.

UMnu Bilal Jeewa, omele i Gift of The Givers Foundation, uthe wonke umuntu unendima ayidlalayo ekuthuthukiseni umphakathi, kungakhathalekile ukuthi usebenza muphi umsebenzi.

“Odokotela, amaphoyisa, othisha, osonhlalakahle kanye nawo wonke umuntu unendima ebalulekile ayidlalayo emphakathini. Lo mcimbi ubuhloswe ukubonga labo bantu abanikela ngesikhathi namandla abo ekusizeni abanye ngaphandle kokulindela ukubongwa. Esikhundleni sokukhononda ngalokho uhulumeni akwenzile noma angakwenzanga, uma wonke umuntu engabambisana futhi ehola ngesibonelo esihle, singafeza okuningi kakhulu.” Kusho u Jeewa.

Uphethe ngokuthi kubalulekile ukudlulisela lezi zinsiza nasezinganeni ukuze zikhule zikwazi ukubambisana, zisizane futhi zinakekelane.

Uthe ukubona abantu bedansa ndawonye ngokuvumelana kulo mcimbi kuyisibonelo esihle sobunye okufanele buqhubeke nasesikhathini esizayo.

UMnu Jeewa uqhube ngokubonga ngokunikezwa kweGift of the Givers Foundation ithuba nodumo lokuba yingxenye yalo mcimbi, wathi nakuba bengaziboni njengabafanelwe yilolu hlobo lodumo, bayalazisa ithuba lokuma nabantu abazinikele ekusebenzeleni umphakathi.

Ababekhona baphinde bajatshuliswe ngengoma, yajabulisa izethameli, kwaba nomoya wobumbano nokugubha umsebenzi omuhle owenziwa ngabantu emphakathini.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Banethemba Lokukhulisa Amabhizinisi Ngezinqunquthela Zokucobelelana Nabamazwe

Umasipala womkhandlu weTheku uyaqhubeka nokuqinisa amathuba amabhizinisi endawo okufinyelela...

Kucekeleke Phansi Amabhizinisi Adayisa Izimoto Kusha Umlilo

Izicishamlilo zikaMasipala weTheku zikwazile ukucisha umlilo obugqagqamuka endaweni okukhandwa...

Lilokhu likhule Njalo Izinga lomcimbi waKwamashu

Lo mcimbi ozoba ngoZibandlela uzobe ugubha iminyaka engu-12 wasungulwa,...

Bathole uqeqesho Lokuthuthuka Kumabhizinisi Okupheka KwaMashu

Osomabhizinisi abasebenza emkhakheni wokudla bagqugquzelwe ukuthi basebenzise amathuba atholakala...