I-AIDS Healthcare Foundation (AHF) South Africa, ngokubambisana nezinhlaka ezinye, ibambe usuku lokuqwashisa nokuvikela i-HIV e-Durban Beachfront. Lo mcimbi ubuhlose ukukhuthaza umphakathi ukuthi ubheke kakhulu ezindabeni zokuvikela i-HIV, ukuhlolwa, ukwelashwa kanye nokunakekela abantu abaphila ne-HIV.
u-Elizabeth Lubanyana, ongumqondisi kwezokuvikela kwisifo segciwane lengculaza ugcizele ukusetshenziswa kwejazi lomkhwenyana okuyi Khondomu. “Sibambe umcimbi wokwakha umkhankaso ozoholela emgubhweni wethu omkhulu ozoba mhla ziyi-10 kuLwezi. Silapha ukuzodala ukuqwashisa, ukukhangisa nokwazisa umphakathi nge-AHF kanye nezinsizakalo esizihlinzekayo, okuhlanganisa ukuhlolwa kwamahhala kwe-HIV, ukwelashwa, amakhondomu kanye nokwelulekwa ngokwengqondo.” Kusho u Lubanyana.
Bazibekele izinqumo zokufeza izethembiso zomkhankaso wokugqugquzela kokuzivikela. “Siyaqhubeka nokugcina isithembiso sethu eminyakeni ezayo, siqinisekisa ukuthi iziguli zethu ziyaqhubeka nokuthola ukunakekelwa, ukuthi asilahlekelwa yiziguli ezelashwayo, futhi siqinisekisa ukuthi wonke umuntu ophila negciwane uthola ukunakekelwa nokwelashwa okufanele,” kwengeza uLubanyana. I-AHF igubha iminyaka engu-25 yomsebenzi wayo eNingizimu Afrika, igxile nasekuqhakambiseni izikhala nezinselelo ezisadinga ukunakwa emkhakheni wokuvikela nokwelashwa kwe-HIV.
U-Nzuzo Manqele, okumkhakha we Wellness Clinic Coordinator, uthe inhlangano ihlinzeka ngezinsizakalo zamahhala nezitholakala kalula emphakathini. “Sinikeza ukuhlolwa kwamahhala kwe-HIV, ukuhlolwa kwezempilo kanye nokwelashwa. Izinsizakalo zethu zimahhala, azibandlululi futhi zitholakala kalula ngoba sisebenza ngomtholampilo ohambayo.
U-Sibusiso Mngadi, HIV Prevention Coordinator, uchaze ngokubaluleka kokusetshenziswa kwamakhondomu. “Sigqugquzela abantu abasha nawo wonke umuntu owenza ucansi ukuthi asebenzise ikhondomu njalo nangendlela efanele. Amakhondomu ayasiza ekuvikeleni i-HIV, izifo ezithathelwana ngocansi kanye nokukhulelwa okungahleliwe.
“Sineminyaka engu-25 senza lo msebenzi njenge-AHF South Africa, futhi sithi ukuhlolwa kwe-HIV kwamahhala kuyatholakala. Ikhondomu imahhala, iyatholakala futhi ingasiza ukuvikela impilo yakho. Intsha kumele ithathe umthwalo wemfanelo. Ningazifaki engozini, sebenzisani ikhondomu.” Kuphetha U Mngadi.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


