Bahlabeke Umxhwele Abaningi Kwinkulumo Ye Silo.

Date:

ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse amaZulu ukuthi abuyele kakhulu esikweni nakumagugu esiZulu, sathi izimfundiso zendabuko kumele zisetshenziswe kakhulu ekulweni nezinkinga ezikhungethe imiphakathi, okubalwa kuzo nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Besethula inkulumo yaso emcimbini woMhlanga wama-46 obuseSigodlweni saseMashobeni, emngceleni wakwaNongoma no Pongola.

Le nkulumo iza ngesikhathi isifundazwe sibhekene nenkinga enkulu yodlame olubhekiswe kwabesifazane. Kubikwa ukuthi phakathi kuka-April noJuni kulo nyaka, kubikwe amacala okudlwengulwa kwabesifazane angu-1 820 KwaZulu-Natal.

Yize amacala okudlwengula ehle ngamaphesenti angu-1.3, okungamacala angu-24 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo, uMajor-General Phumelele Makoba, obambe njengokhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uxwayise ngokuthi lokhu akumele kubhekwe njengempumelelo ezokwenza abantu badele umzabalazo wokulwa nobugebengu.

UMakoba uthe sekuyiminyaka emithathu ilandelana lapho isifundazwe sibika khona amacala okudlwengula angaphezu kuka-1 800 ngekota.

ISilo sigcizelele ukuthi amaZulu kumele aqinise izisekelo zesiko lawo, alwe nokuziphatha okwehlisa isithunzi sabesifazane nezingane, aphinde aqinisekise ukuthi imiphakathi iphephile.

Emikhosini yoMhlanga edlule, iSilo besilokhu sikhuthaza izintombi ukuthi zigcine ubuntombi futhi zihloniphe amasiko, siphinde sinxuse imiphakathi ukuthi ivikele futhi ihloniphe abesifazane.

ISilo siphinde sakhuluma ngendima edlalwa utshwala nezidakamizwa ekwandiseni udlame olubhekiswe kwabesifazane, sanxusa amadoda ukuba azibophezele ekuziphatheni kwawo futhi ayeke ukuphuza uma utshwala bubenza babe nodlame noma bahlukumeze abanye. ”Uma kungukuthi utshwala okunenza madoda nihlukumeze abantu besifazane buyekeni ngidumele ngokuzwa ukuthi isifundazwe sihamba phambili ngalamacala okuhlukumeza”. kusho u Misuzulu Ka Zwelithini.

Undunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, ugcizelele ukubaluleka kokugcina isiko lesizwe samaZulu nokuhlonipha abesifazane ngesikhathi somkhosi womhlanga.

UNtuli uthe ukugcinwa kwesiko akumele kubhekwe njengento yakudala kuphela, kodwa kufanele kusize nasekuvikeleni impilo, nempilo yesikhathi esizayo sentsha.

“Kubalulekile ukuthi sizigcine futhi silondoloze izimfundiso zamasiko ethu, ngoba lokhu kusiza ukuvikela intsha kwi-HIV nakwezinye izifo”. kusho uNtuli.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...

U Xaba Ukhala Ngoku Linyazwa Kwenqalasizinda.

IMeya yomkhandlu ITheku, uKhansela uCyril Xaba, uyaqhubeka nemizamo...

New Packa-Ching recycling unit launched in KwaMashu

Residents and waste reclaimers in KwaMashu and surrounding areas...

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...