KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Date:

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha lokuthuthukisa amakhono abo, kulandela ukwethulwa komkhankaso othi “1 Ball, 1 Team, 1 Dream” yiKwaZulu-Natal Netball (KZNN).
Lo mkhankaso wethulwe eEkuthuleni Primary School KwaMashu , lapho iKZNN isebenzisana khona noGilbert Netball South Africa kanye no-aQuellé ngenhloso yokwandisa amathuba okuthola imishini yebhola lezandla ezikoleni nasemaqenjini omphakathi esifundazweni.


Inhloso enkulu yalo mkhankaso ukubhekana nenkinga yokushoda kwemishini yezemidlalo, ikakhulukazi amabhola, okuvame ukuvimba izingane eziningi ukuthi zibambe iqhaza futhi zithuthukise amakhono azo.
Njengengxenye yomcimbi, abadlali abasebancane bathole nethuba lokufunda amakhono amasha ngesikhathi kuqhutshwa isifundo sokuqeqesha (coaching clinic) esenziwe yiKingdom Stars, uNosihle Mkhwanazi kanye neKingdom Queens, uThobekile Mjaja.


UMengameli weKZNN, uNkk Gugu Ngema, uthe yonke ingane enothando lomdlalo webhola lezandla kufanele inikezwe ithuba lokuwudlala.
“Wonke umdlali osemncane ufanelwe yithuba lokubamba iqhaza kwezemidlalo. Lo mkhankaso uhlose ukuqinisekisa ukuthi akukho phupho lengane elinqanyulwa ngenxa yokushoda kwemishini,” kusho uNgema.
UMnu Rob Scott, omele uGilbert South Africa, ongumlingani osemthethweni weKZNN ekuhlinzekeni ngamabhola, uthe kuyajabulisa ukubona izingane zibamba iqhaza kwezemidlalo.


“Kuyajabulisa ukubona izingane ezisencane zibamba iqhaza kwezemidlalo. Ezemidlalo zidlala indima enkulu ezimpilweni zethu, futhi sibheke ngabomvu ukuqhubeka nokukhulisa lobu budlelwano bokuthuthukisa umdlalo neKZN Netball,” kusho uScott.
Uthishanhloko waseEkuthuleni Primary School, uNkk Phewa, uthe ibhola lezandla aligcini ngokuba wumdlalo, kodwa liyindlela yokuvulela amantombazane amathuba empilo.


“I-Netball akuwona nje umdlalo; iyithuluzi lokuthuthukisa amantombazane nokuwavulela amathuba ekusasa,” kusho uPhewa.
IKZN Netball inxusa amabhizinisi, izinhlangano, ababambiqhaza kanye namalungu omphakathi ukuthi basekele lo mkhankaso ukuze kuthuthukiswe umdlalo webhola lezandla ezingeni lomphakathi, ikakhulukazi kubadlali abasebancane. Lo mkhankaso uhlose ukuqinisekisa ukuthi ukushoda kwebhola akubi yisithiyo phakathi kwengane nephupho layo kwezemidlalo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...

Selidumela Emanstumpeni Ngokwakhiwa Kwenxanxathela Yezitolo E Ntuzuma

Izinguquko ezinkulu zokuthuthukiswa kwendawo ziyaqhubeka eNtuzuma, kuWard 42, ngenhloso...