Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Date:

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi nzuzo iWondwebrds, ibambisene neGift of the Givers, inikeza izibuko zokufunda mahhala endaweni ebizwa ngokuthi yi Safe Hub.
Lolu hlelo luhlose ukusiza abantu abanenkinga yokubona, ikakhulukazi asebekhulile, ukuze bakwazi ukuqhubeka nemisebenzi yabo yansuku zonke ngaphandle kobunzima obubangelwa ukungaboni kahle.

Umsunguli weWondwebrds, uTracy Nonhlanzeko Mokoena, ubonge kakhulu iGift of the Givers ngokuhlala ikulungele ukweseka umphakathi ngezinhlelo ezahlukene. U Mokoen uthe uyaziqhenya ngokubona izinhlangano zisebenzisana nomphakathi, waphinde wanxusa abantu KwaMashu ukuthi bangaphuthelwa amathuba anjengalolu uma evela.
“Siyabonga kakhulu kwiGift of the Givers ngokuhlala ikhona futhi izimisele ukusiza umphakathi. Siyacela nomphakathi ukuthi uhlale ukulungele ukubamba iqhaza uma kuza izinhlelo ezifana nalezi, ngoba zenzelwe ukusiza abantu,” kusho u Mokoena.


Okhulumela ezokuxhumana ovela kwi Gift of the givers u kwezokuxhumana u Bilal Jeewa othe kuyamjabulisa ukuba yingxenye yomphakathi nokusebenzisa amathuba akhona ukusiza lapho ekwazi khona.
UBilal uthe ukuba seduze nomphakathi kumenza aqonde kangcono izidingo zabantu, nokuthi usizo oluncane lungaba nomthelela omkhulu empilweni yomuntu.

“Kuyintokozo enkulu ukuba yingxenye yomphakathi. Uma ngikwazi ukusiza, ngiyazama ukusiza lapho kunesidingo khona. Kubalulekile ukuthi sisebenze nabantu futhi sibatholele usizo lapho kungenzeka khona,” kusho uBilal.
Uphethe ngokunxusa umphakathi ukuba usondele kwizinhlangano zomphakathi ezingenzi inzunzo ukuba kubanjiswane kufukulwe umphakathi.
Phakathi kwabathole izibuko kukhona u Jabulisile Nxumalo , othi waqala ukuba nenkinga yokubona ngemuva kokuba ewile walimala. Uthe ukuwa kwaphazamisa amehlo akhe, kwaba nzima ukubona kahle nokwenza eminye yemisebenzi yakhe.

U Nxumalo uthe ujabule kakhulu ngokuthola izibuko zokufunda okokuqala ngqa empilweni yakhe, wathi lolu sizo lubuyise injabulo nethemba kuye.
“Ngijabule kakhulu ukuthola lezi zibuko. Kusukela ngawa, amehlo ami awasaboni kahle njengakuqala. Angikaze ngibe nezibuko zokufunda ngaphambilini. Ngiyabonga kakhulu kwiGift of the Givers ngokungisiza,” kusho u Nxumalo.

Abahleli balolu hlelo bathi izinhlelo ezinjengalezi azigcini ngokusiza abantu ukuba babone kahle, kodwa ziphinde zibuyisele isithunzi, ukuzethemba nokuzimela kubantu abadinga usizo. Umphakathi wakwaMashu unxuswe ukuthi usebenzise amathuba alethwa yizinhlangano ezisebenzisana nawo, ikakhulukazi ezinhlelweni ezithuthukisa impilo nenhlalakahle yabantu.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...

Selidumela Emanstumpeni Ngokwakhiwa Kwenxanxathela Yezitolo E Ntuzuma

Izinguquko ezinkulu zokuthuthukiswa kwendawo ziyaqhubeka eNtuzuma, kuWard 42, ngenhloso...