Umasipala Uthuthukisa Umphakathi Ngokusebenzisa Ezobuchwepheshe

Date:

UMasipala weTheku uthi uzosebenzisa idatha (data) ukusheshisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini, ukuthuthukisa ukuhlelwa komsebenzi nokwenza izinqumo ezisekelwe ngobufakazi. Lokhu kumenyezelwe ngesikhathi kubanjwe umhlangano wokucobelelana ngolwazi nge-Data Strategy Empowerment Workshop, obuhlanganise izikhulu zikamasipala, amakhansela nabanye ababambiqhaza ngenhloso yokuqinisa indlela yokusebenzisa idatha ekuphathweni kwedolobha.

Usihlalo weKomidi Lezokuphatha Nezabasebenzi, uKhansela Nkosenhle Madlala, uthe ikusasa lokulethwa kwezinsiza lincike ekusetshenzisweni kwedatha ngendlela efanele.

“Ikusasa lokulethwa kwezinsiza liqhutshwa idatha. Ngokuyibheka njengengqalasizinda ebalulekile kuMasipala, sizokwazi ukuhlela kangcono, siphendule ngokushesha ezidingweni zabantu futhi sixhumanise imiphakathi nezinsiza eziyidingayo,” kusho uMadlala.

Uthe isu ledatha aligxili kubuchwepheshe kuphela, kodwa lihlose ukwenza ngcono impilo yezakhamuzi ngokuthi zonke izinqumo zithathwe kusetshenziswa ulwazi olunembayo noluthembekile.

“Sifuna izakhamuzi zithole izinsiza ezingcono, ezishesha ukufinyelela futhi ezihlelwe ngobuhlakani. Sakha uMasipala ophendulayo, oziphendulelayo futhi olungele ikusasa ukuze usebenzele wonke umuntu,” kusho u Madlala

Kulo mhlangano kuboniswe izinhlelo zobuchwepheshe ezifana namadeshibhodi edijithali, amathuluzi okuhlaziya idatha kanye nezinhlelo zokubika ezisiza uMasipala ekuhleleni umsebenzi, ekuqapheni ukusebenza nasekuletheni izinsiza ngendlela ephumelelayo.

UMadlala uthe i-Strat Hub isiza uMasipala ukwenza izinqumo ezisekelwe olwazini olutholakala ngesikhathi sangempela, okwenza kube lula ukuhlela nokuletha izinsiza ngendlela efanele.

Ugcizelele ukuthi impumelelo yalolu hlelo izoncika ekuphathweni kahle kwedatha, ebuholini obuqotho, emigomeni eqinile nasekuqeqesheni izisebenzi ukuze zikwazi ukusebenzisa nokuvikela idatha ngendlela efanele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...