UMasipala waseMthonjaneni, osanda kuhlomula ngendondo ye-Cleanest Town with Best Waste Management Programme of the Year kuhlelo luka Ndunankulu u Thamisanqa Ntuli, uthi uyaqhubeka nokubeka phambili ukuthuthukiswa kwengqalasizinda njengoba uhambele amaphrojekthi okulungisa imigwaqo nezindawo zomphakathi.
USodolobha uMbangiseni Biyela uncome umsebenzi owenziwa yizisebenzi zoMkhandlu, wathi inhloso enkulu ukuvikela izimpilo zabantu nokwenza ngcono izinga lezinsiza emphakathini.
“Sibeka izimpilo zomphakathi phambili. Sizohlale siqhubeka nokusebenza kanzima ukuze silethe izinsiza ezisezingeni kubantu baseMthonjaneni. Kusenokuningi okusamele kwenziwe, kodwa sizimisele ukuqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa umphakathi,” kusho uBiyela.
Usodolobha uMbangiseni Biyela, ehambisana namakhansela, iMenenja kaMasipala uZiphozenkosi Mthethwa kanye nezikhulu zoMkhandlu, uvakashele amaphrojekthi ahlukene okubalwa ukulungiswa komgwaqo u-R66/R34 ngasePiet Retief, ukulungiswa kwendawo yokubhukuda, kanye nomgwaqo wakwaGcongco obungasahambeki kahle uma lina.
IMenenja kaMasipala, uZiphozenkosi Mthethwa, ithe iphrojekthi yokulungisa umgwaqo edolobheni ekuqaleni yayibekelwe isabelomali esingu-R4 million, kodwa ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi kwatholakala ukuthi umonakalo mkhulu kakhulu kunalokho obekucatshangwa.
“Le phrojekthi yayinesabelomali esingu-R4 million, kodwa ngesikhathi siqala ukusebenza sabona ukuthi umsebenzi mkhulu kakhulu. Sithole usizo oluvela ophikweni lwezinhlekelele ngaphansi koMnyango wezokubusa ngokubambisana nezomdabu u (COGTA) ukuze sikwazi ukuqhubeka nokulungisa lo mgwaqo,” kusho uMthethwa.
Uthe uMasipala usebenzise yonke imali ebikhona ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaqhubeka futhi uzofuna olunye uxhaso ukuze kuqedwe yonke imisebenzi esele.”Sisebenzise konke ebesinakho. Sizoqhubeka nokucela uxhaso lapho kudingeka khona ukuze siqede yonke imisebenzi ebihlelelwe lo nyaka wezimali. Esasihlele ukukwenza kulo nyaka wezimali sizokuqeda,” kuphetha u Mthethwa.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

