Bezidlana Umshefezo Izitshudeni Kuqondaniswa Ukotini kowe Hollywoodbets Durban July.

Date:

Ikolishi i-Umgungundlovu TVET lizibeke emlandweni ngemuva kokuba abafundi balo abane bengene kwabayishumi abahamba phambili emncintiswaneni we-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award. Ngokokuqala ngqa emlandweni walo mncintiswano, isikhungo esisodwa sibe nabafundi abaningi  abafinyelele esigabeni sowamanqamu.

Lokhu kuvele ngesikhathi kuhlungwa abaklami bemfashini abasafufusa abangama-25 eHollywoodbets Greyville Racecourse eThekwini ngesikhathi somjaho iHollywoodbets Gold Challenge. Abancintiswano bebethweswe umsebenzi wokuhumusha indikimba yalo nyaka ethi Country Allure ngezindlela ezahlukene nezikhombise ubuhlakani obumangalisayo.

Kubukwe izingubo eziningi ebezihlukene, kusukela kulezo ezigqugquzelwe ifulegi laseNingizimu Afrika, ezenziwe ngobuhlalu, ezedenimu, kanye nezinye ebezihlanganiswe ngezicucu zezindwangu nezintambo. Lokhu kwenze umsebenzi wabahluleli waba nzima njengoba izinga lomsebenzi beliphezulu kakhulu.

Ijaji lalo mncintiswano nomklami wemfashini owaziwayo, uSibu Msimang, lithe lihlabeke umxhwele ngezinga lomsebenzi elikhonjiswe ngabancintiswano.

“Abaklami bakhombise ukuqonda okujulile kwendikimba futhi bakwazi ukuguqula imibono yabo ibe izingubo eziqediwe ezisezingeni eliphezulu. Kube nzima ukukhetha abayi-10 abahamba phambili ngenxa yekhwalithi yomsebenzi ebesiyibona,” kusho uMsimang.

Inhloko yezifundo zemfashini nezindwangu e-Umgungundlovu TVET, uMartin Steenkamp, ithe impumelelo yabafundi baleli kolishi iwumphumela wokusebenza ngokuzikhandla nokwenza ucwaningo olunzulu.

Uthe abafundi bachithe isikhathi esiningi behlaziya indikimba yalo nyaka, bebheka amasiko, amagugu, izinkolelo, ulimi kanye nezindawo ezahlukene ukuze bakhe imiklamo enencazelo ejulile. Uthe ukuba nabafundi abane kwabayishumi abahamba phambili kuyinto abaziqhenya ngayo kakhulu.

Omunye abehlluleli, umklami wemfashini uKathrin Kidger, uthe kubalulekile ukuthi abaklami baqonde ukuthi impumelelo ayigcini ngokuwina kuphela, kodwa itholakala nasekutholeni ulwazi, ukwakha igama nokukhulisa amakhono abo.

Abangene kowamanqamu yilaba uLungelo Cele wase-Esayidi Fashion School, uSiphelele Ngcobo, uAphiwe Dlamini, uMandisa Matsinye noNomfundo Mdlalose base-Umgungundlovu TVET, uThato Selekane noMlungisi Ndlovu base-Durban University of Technology (DUT), uDalisu Vumase noDumile Shozi base-iGoda Incubator kanye noKiyaan Pillay wase-PMB School of Fashion.

Bonke laba baklami bazophinde babonise imisebenzi yabo emcimbini weHollywoodbets Durban July Preview Fashion Gala ozoba ngoJuni 29, lapho kuzohlangana khona osaziwayo nabadlali abahlukene embonini yemfashini ukuze kugujwe ubuciko, ukusungula kanye nethalente elikhulayo laseNingizimu Afrika.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

SALGA calls for urgent action against political killings ahead of 2026 elections

The South African Local Government Association (SALGA) has called...

Bahlomule Ngezamba Ezahlukene Osomabhizinisi Bomkhakha Wezamafilimu.

Umkhakha wezobuciko, amasiko kanye namafilimu eThekwini uthole ugqozi olukhulu...

I-Elangeni TVET College Ivule Isikhungo Esisha Sokuthuthukisa Amakhono omsebenzi wezandla

I-Elangeni TVET College ivule ngokusemthethweni i-Artisan and Skills Development...

Owayengumdlali Webhola Uyaqhubeka Nokufukula Intsha Kumakhono Ezemidlalo.

I Siyabonga Sangweni Foundation yethule ngokusemthethweni umqhudelwano iSiyabonga Sangweni...