Kuphazamiseke Ukuphakelwa Kwamanzi KwaMashu

Date:

Kupazamiseke ukuphakelwa kwamanzi KwaMashu esigcemeni sakwa M kulandela ukugxambukela ngokungemthetho kuma-Pressure Reducing Valves (PRVs) nengqalasizinda yamanzi kaMasipala weTheku. Ngokwesitatimende esikhweshwe umasipala kuxwayiswa abahlali ngokumosha nokuphazamisa izingxenye ezibalulekile zohlelo lwamanzi, uthi lezi zenzo sezibangela ukusweleka kwamanzi emphakathini eminingi.

Ngokusho kukaMasipala, indawo yaKwaMashu M njengamanje ayinawo amanzi ngenxa yokuthi kukhona abantu abagqekeze baphazamisa ama-PRVs asiza ukulawula umfutho wamanzi. UMasipala uthe lokhu kwenzeka yize sekufakwe izingidi nezindlela zokuvikela kulezi zinsiza.

Kuvele ukuthi nezinye izindawo okubalwa kuzo iNtuzuma neNanda nazo zibhekene nenkinga efanayo, lapho ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi kuphazamisa ukuphakelwa kwamanzi emphakathini.

U Masipala uchaze ukuthi ama-Pressure Reducing Valves abalulekile kakhulu ohlelweni lokusatshalaliswa kwamanzi njengoba elawula umfutho ukuze amanzi aphume ngendlela efanele nangokuzinza. Noma ubani ogxambukela kulezi zinsiza ngokungemthetho ubeka engcupheni lonke uhlelo lwamanzi bese ushiya imiphakathi ingenawo amanzi isikhathi eside.

UMasipala usugxeke kakhulu ubugebengu bokweba, ukucekela phansi nokuphazamisa ingqalasizinda yomphakathi, wathi lokhu akugcini ngokulimaza impahla kaMasipala kuphela kodwa kubeka umthwalo omkhulu wezimali kuMasipala futhi kuphazamise ukuhlinzekwa kwezidingo ezisemqoka emphakathini.

Uphinde waxwayisa ngokuthi noma ubani otholakala ephazamisa ingqalasizinda kaMasipala angase abhekane necala lobugebengu.

Kunxuswe umphakathi ukuthi usebenzisane noMasipala ekuvikeleni ingqalasizinda yomphakathi futhi babike noma yiziphi izenzo ezisolisayo ezithinta amanzi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bathole uqeqesho Lokuthuthuka Kumabhizinisi Okupheka KwaMashu

Osomabhizinisi abasebenza emkhakheni wokudla bagqugquzelwe ukuthi basebenzise amathuba atholakala...

Uyaqhubeka Umkhankaso Wokuzivikela Ngocansi.

I-AIDS Healthcare Foundation (AHF) South Africa, ngokubambisana nezinhlaka ezinye,...

Kubungazwe Ususuku Lwe National Emergency Medical E Nanda

UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ubungaze usuku lomhlaba wonke olubizwa...

Bathembise Imali Engango-R124,576 Billion KZN, Kuzodalwa Imisebenzi Engu-207,468

UNgqongqoshe Wezokuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo uMfundisi uMusa Zondi...