Kuphazamiseke Ukuphakelwa Kwamanzi KwaMashu

Date:

Kupazamiseke ukuphakelwa kwamanzi KwaMashu esigcemeni sakwa M kulandela ukugxambukela ngokungemthetho kuma-Pressure Reducing Valves (PRVs) nengqalasizinda yamanzi kaMasipala weTheku. Ngokwesitatimende esikhweshwe umasipala kuxwayiswa abahlali ngokumosha nokuphazamisa izingxenye ezibalulekile zohlelo lwamanzi, uthi lezi zenzo sezibangela ukusweleka kwamanzi emphakathini eminingi.

Ngokusho kukaMasipala, indawo yaKwaMashu M njengamanje ayinawo amanzi ngenxa yokuthi kukhona abantu abagqekeze baphazamisa ama-PRVs asiza ukulawula umfutho wamanzi. UMasipala uthe lokhu kwenzeka yize sekufakwe izingidi nezindlela zokuvikela kulezi zinsiza.

Kuvele ukuthi nezinye izindawo okubalwa kuzo iNtuzuma neNanda nazo zibhekene nenkinga efanayo, lapho ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi kuphazamisa ukuphakelwa kwamanzi emphakathini.

U Masipala uchaze ukuthi ama-Pressure Reducing Valves abalulekile kakhulu ohlelweni lokusatshalaliswa kwamanzi njengoba elawula umfutho ukuze amanzi aphume ngendlela efanele nangokuzinza. Noma ubani ogxambukela kulezi zinsiza ngokungemthetho ubeka engcupheni lonke uhlelo lwamanzi bese ushiya imiphakathi ingenawo amanzi isikhathi eside.

UMasipala usugxeke kakhulu ubugebengu bokweba, ukucekela phansi nokuphazamisa ingqalasizinda yomphakathi, wathi lokhu akugcini ngokulimaza impahla kaMasipala kuphela kodwa kubeka umthwalo omkhulu wezimali kuMasipala futhi kuphazamise ukuhlinzekwa kwezidingo ezisemqoka emphakathini.

Uphinde waxwayisa ngokuthi noma ubani otholakala ephazamisa ingqalasizinda kaMasipala angase abhekane necala lobugebengu.

Kunxuswe umphakathi ukuthi usebenzisane noMasipala ekuvikeleni ingqalasizinda yomphakathi futhi babike noma yiziphi izenzo ezisolisayo ezithinta amanzi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Liyanyuka Izinga Lebhola Esifundazweni

Ama-Playoffs eSifundazwe  saKwaZulu Natal e Hollywoodbets kanyaka-2026 aphethwe ngempumelelo...

Umasipala Uthuthukisa Umphakathi Ngokusebenzisa Ezobuchwepheshe

UMasipala weTheku uthi uzosebenzisa idatha (data) ukusheshisa ukulethwa kwezinsiza...

Uyaziqhenya ngomjaho wamahashi okhala ngokungabibikho kwamathuba omsebenzi.

Onqobe kumjaho omkhulu weDundee July 2026, uSiyabonga "Zozo" Mabaso...

Ibandla Likhande Ubudlelwane Nomasipala

Isigameko sokudilika kodonga ebandleni lamaNazaretha eBuhleni Village e Nanda,...