Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

Date:

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu abafinyelele esigabeni sokugcina emiklomelweni yezemidlalo ka-2026, okuwumcimbi ohlonishwa kakhulu esifundazweni.

Lokhu kumenyezelwa kwenziwe uNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko,  uMntomuhle Khawula, e-Hollywoodbets Kingsmead Cricket Stadium, lapho kuvezwe khona abaphumelele ezigabeni eziyi-18 ezahlukene.

Le miklomelo ihlonipha impumelelo yabasubathi, abaqeqeshi, abaphathi, onompempe, abethuli bezindaba zezemidlalo kanye namavolontiya aqhubeka nokuthuthukisa ezemidlalo KwaZulu-Natal.

Umcimbi omkhulu walo nyaka, obuya okwe -11 nemiklomelo, uzoba mhla ziyi-18 kuMbasa 2026 e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Kulo nyaka, kukhona ushintsho olubalulekile njengoba uhlelo seluhambisana nekhalenda likazwelonke le-South African Sport Awards, okusho ukuthi ukusebenza kwabantu kulo lonke unyaka kuzocatshangelwa ngokugcwele. Lokhu kuzosiza ukuthi iKwaZulu-Natal ime kahle uma seyiyomela ezingeni likazwelonke.

UMEC uKhawula uthi ukumemezela laba bantu kuyisibonakaliso sokukhula kwezinga lezemidlalo esifundazweni.

“Lokhu kumenyezelwa kukhombisa uhambo lokuzinikela, ukubekezela nokusebenza ngokuzikhandla kwabantu namaqembu aqhubeka nokuphakamisa igama laKwaZulu-Natal. Ukuba phakathi kwabafinyelele esigabeni sokugcina kuwuphawu lokuhlonishwa olutholakala ngokusebenza kanzima nokwenza kahle ezingeni eliphezulu.” kusho uKhawula.

Uqhube wathi le miklomelo iyingxenye ebalulekile yomgomo woMnyango wokuthuthukisa ezemidlalo kusukela ezingeni lokubamba iqhaza emphakathini kuze kuyofika kwabaphezulu.

Kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe izinkakha ezinkulu kwezemidlalo kanye nabalandeli, njengoba kuzogujwa impumelelo yabantu abenza umehluko kwezemidlalo KwaZulu-Natal.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...

Bathemisa Ukuxazulula Izinkinga Zamanzi Ngokushesha

Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene...

Iyaqhubeka Imkhankaso Yokulwa Nodlame Lokuhlukunyezwa Kwabesifazane (GBVFA)

umkhandlu we Theku ngokubambisa nenhlangano iMzansi Act Now...