Saturday, February 21, 2026

Undunankulu Ntuli Wethule Isu Lokulekelela Ukunqanda Ukukhulelwa Kwentsha YakwaZulu-Natal

Date:

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ngoLwesibili, wethule ngokusemthethweni iSu leSectoral Multisectoral laKwaZulu-Natal lokunqanda ukukhulelwa kwezingane nentsha eRay Nkonyeni ngaphansi kukaMasipala Wesifunda Ugu. Lolu hlelo olwethuliwe luhlose ukubhekana nenye yezinselelo zomphakathi ezicindezela

kakhulu esifundazweni ngokusebenzisa izinyathelo ezididiyelwe, ukungenelela okusekelwe ebufakazini, kanye nokuhlanganisa yonke imikhakha yomphakathi. Isu lokunciphisa ukukhulelwa kwezingabe nentsha livela njengempendulo eqondile esinqumweni soMkhandlu Wesifundazwe ,kulandela imibiko ethusayo yamazinga okukhulelwa aqhubekayo phakathi kwentsha eneminyaka eyi-10 kuya kweyi-19. UNdunankulu uzwakalisa ukukhathazeka ngokukhulelwa kwabantwana abancane eminyakeni engu12 kuyaphezulu.

“Masikhulume singagwegwesi uma ingane eneminyaka engu-12 iba ngumama, akukhona

ukwehluleka komuntu siqu kodwa ukwehluleka kwethu sonke. Kuwuphawu lomphakathi ohlulekayo ukuvikela abantu abasengozini enkulu. Bantu bakithi, ngiyaziqhenya kumemezela ukuthi iKwaZulu-Natal iyisifundazwe sokuqala eNingizimu Afrika ukuthuthukisa kanye nokwethula isu lemikhakha ehlukene yalolu hlobo lokubhekana nesihlava sokukhulelwa kwezingane nentsha”, kusho uNdunankulu. Ukwethulwa kwalelisu kuyiigxathu elibalulekile ekuqiniseni ukusebenzisana kweminyango, ukuthuthukisa izinhlelo zokufukula intsha, kanye nokuqinisekisa ukuthi yonke ingane nentsha esifundazweni iyaluthola ulwazi, amathuba kanye nezinhlelo zokuyisekela eziyenza iphumelele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

MEC Shinga Strengthens Relations with Organised Labour

KwaZulu-Natal MEC for Social Development, Mbali Shinga, has reaffirmed...

Nkonke Kuhambe Kahle Kumcimbi Wokuklomelisa U-Grade R Esmart Kids

INJABULO ibibhalwe ebusweni bodado ngesikhathi besalindele imiklomelo yabo yokuqala...

I-Dual M Ne-Ink Today NPC Agqugquzela Abafundi Nge-School Prayer Tour

Njengenxenye yomzamo wokukhuthaza abafundi bakwa-Matric ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo...

Bazimisele Ukugqugquzela Ukuzivikela Kwamantombazane Kwezocansi

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Aids Health Foundation (AHF) ibibambe umcimbi...
×