Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

Date:

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha emgwaqeni njengoba kusondela amaholidi ePhasika.

Lolu hambo beluholwa unqonqoshe womnyango wezokuthutha esifundazweni saKwazulu Natal, uSiboniso Duma, lapho ehlangane khona nabashayeli bamatekisi, abagibeli kanye nabanye ababambe iqhaza embonini yamatekisi ukuze baxoxe ngezindlela zokuqinisa ukuphepha nokuzinza.

Enkulumeni yakhe uveze ukuthi, u Ayanda Msweli obethula uhlelo lwesiminyaminya ku Khozi fm usazolibamba iqhaza elikhulu ekukhulumeni ngezindaba zokuphepha emgwaqeni futhi uzosebenzisana noMnyango Wezokuthutha ukuqinisekisa ukuthi izimoto zisebenza ngokuphepha.

Abashayeli bamatekisi amabanga amade baxwayisiwe ngokulayisha imithwalo eminingi, njengoba lokhu kungabeka engcupheni ukuphepha kwabashayeli nabagibeli.

U-Msweli uphinde wanikela ngezinsiza ezizosiza uma kwenzeka imoto ibe nenkinga endleleni, okuyisibani okufanele sibekwe kude ngamamitha angama-45 uma imoto imile ngenxa yenkinga, ukuze abanye abashayeli bakwazi ukubona kalula futhi kunqandwe izingozi kanye nokunye okusiza ngokuphepha emngwaqeni.

Ngaphezu kwalokho, Duma uchazile ukuthi noma intengo kaphethiloli inyukile, amanani okugibela ngeke anyuswe ngokushesha, ngenhloso yokuvikela abagibeli ekunyukeni kwezindleko ngokungazelelwe.

“Uma kukhuphuka imali yelitha likaphethiloli izimboni aziyikhuphuli ngokushesha imali yokugibela, njengoba ikhuphuka kanye ngonyaka basuke sebebale zonke izindleko,” kusho uDuma.

UMnyango ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana phakathi kukahulumeni, abashayeli bamatekisi kanye nomphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi amaholidi ePhasika adlula ngokuphepha nangokuthula emigwaqeni yaseNingizimu Afrika.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...

Bathemisa Ukuxazulula Izinkinga Zamanzi Ngokushesha

Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene...

Iyaqhubeka Imkhankaso Yokulwa Nodlame Lokuhlukunyezwa Kwabesifazane (GBVFA)

umkhandlu we Theku ngokubambisa nenhlangano iMzansi Act Now...