UMasipala Uyazichitha Izinsolo Zokushoda Kwamanzi KwaShelele

Date:

Izakhamuzi zaKwaShelele, eWadi 2 ongaphansi kukaMasipala weTheku, zithi zikuzwa ngendaba ukuthunyelwa kwezimonto zamathangi amanzi edaweni yazo. Lezi Zakhamuzi ezibhekene nenkinga enkulu yokungawatholi amanzi ahlazenile kompompi emakhaya. Njengoba izindawo zabo zokungcina amanzi, phecelezi amabhohole zomile kukhala ibhungezi. Nezimonto zamanzi ezingabonwa kulezinsuku. Iphephandaba inkundla yezindaba lihambele kulendawo ukuyozibonela isimo nobunzima abahlali ababhekana nabo bempilo yansuku zonke. “Cabanga uvuka ngoMgqibelo uzilungiselela ukugeza izitsha, bese umpompi ukubuke ungaphumi lutho.” kusho UMnu Mavundla, ongowokuzalwa kulendawo.

“Thina sisizwa umfula Umngeni Kanye nesiphethu ukuthola amanzi ahlanzekile okuphuza. Uma imonto yamanzi ingafikanga ukuzogcwalisa amathangi amanzi, siyaphoqeleka ukuhamba amabanga amade ngamabhala noma izinqola siyofuna amanzi emfuleni. Ezinye izinqinamba esibhekeni nazo, imayini yenhlabathi engekho emthethweni nengalungile, abayenza eduze nomfula uMgeni. Thina sisebezisa amanzi Omfula ukuwasha izingubo, ukupheka, ngisho nokuphuza. “Ngisho nezingane zethu ziyawaphuza la manzi,” kusho Ilunga lomphakathi elikhathazekile. Nokho, uMasipala weTheku uyazichithe lezi zinsolo. Isikhulumi sikaMasipala, uGugu Sisilana, uthe: “Amanzi edolobha aphephile ngokuphelele, ahambisana nemingomo ye-SANS 241 futhi ziqhutshwa ema-laboratories aqinisekisiwe. Imiphumela evela kuma-‘Water Can Testing Kits’ ayikwazi ukuthembeka.

” Yize kunjalo Izivivinyo zekhwalithi yamanzi ezilayishwe kuwebhusayithi ye-watercan.org.za zibonisa indaba ehlukile. Kusukela ngoSepthemba kuya kuDisemba 2024, imiphumela yabo ikhombisa izimpawu ezibomvu eziningi – hhayi ukuhlobisa kweholide, kodwa njengophawu lokuthi amanzi amaningi abengaphephile ukuphuza. Ngakolunye uhlangothi, uMasipala akazikhohliwe izakhamuzi zakwaKwaShelele. Kukhona amathangi amanzi ayishumi endaweni, agcwaliswa njalo ngemva kwezinsuku ezintathu. UMasipala uphinde wakhuluma ngezikhathi zokulibaziseka ekwakhiweni kweThandokuhle Reservoir ngenxa yezinkinga zokuthenga umhlaba. Ngokusethwethweni, ukuthenga umhlaba kuthatha isikhathi eside kunokuletha amanzi. Nokho, izakhamuzi azizamukeli izaba zomkhandlu. Elinye ilunga lomphakathi uNkosi Duma, uthe “Asidingi izitatimende – sidinga izixazululo. Uma bengahambisa izithembiso abasithembisa zona besafuna amavoti ethu, “bethi bazoba nendlela yokusilethela amanzi, Njengamanje, izindawo zonkungcina amanzi zomile kukhala ibhungezi, Kuze kube manje, izakhamuzi zizohlala zilinde amanzi ukuthi abuye kuhle kwa
Jesu ebhayibhelini.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...