UMASIPALA UHLOMULE NGAMAPHUZU OKUTHUTHUKISA IMVELO UKUQINISEKISA UKUTHI IVIKELEKILE

Date:

Ukuze lokhu kuphumelele, kuzosebenzisana izinhlaka ezahlukene, okubalwa kuzo uHulumeni kazwelonke, iTransnet UMasipala uhlomule ngamaphuzu Okuthuthukisa imvelo ukuqinisekisa ukuthi ivikelekile.
U Masipala waseThekwini usuphinde waqinisekisa ukuzibophezela kwawo ekuthuthukiseni umnotho wolwandle, kuphothulwa ingqungquthela ye-Ocean Innovation Africa Summit.
Lo Masipala uveze uhlelo olusha oluhlose ukusebenzisa ngokugcwele ulwandle olude ngamakhilomitha ayi-100 ukuze kube nomnotho oqinile, kugcinwe nemvelo, kuphinde kusizakale nemiphakathi .
Nomalanga Sokhela, osemnyangweni kuhlelo lwezokuthuthukiswa kwemboni yasolwandle, uthi inhloso enkulu ukuhlanganisa ukukhula komnotho nokumelana nezinguquko zesimo sezulu.
Uthe bazogxila kakhulu ekutshalweni kwezimali emikhakheni efana nokulungiswa kwemikhumbi, ukukhiqizwa kwezinto zasolwandle kanye nezokuthutha, ukuze kuvuleke amathuba emisebenzi ikakhulukazi entsheni ngokubambisana nezikhungo zasemanyuvesi.
Uhlelo luhlanganisa nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ikakhulukazi ezokuthutha, ukuze iTheku liqhubeke nokuba yichweba eliqhudelana kakhulu e-Afrika.
Ngakolunye uhlangothi, uMasipala uthi uzobhekana nokulimala kwemvelo ngokwakha izivikelo zasogwini, ukuqinisa imigwaqo esogwini kanye nokulungisa izinhlelo zokuhlanza amanzi angcolile ukuze kugcinwe amanzi olwandle ehlanzekile.
Kuhlelwe futhi izinhlelo zokuvuselela izihlabathi zasogwini, ukutshala izihlahla ezifana namangrove, kanye nemikhankaso yokulwa nokusetshenziswa kwepulasitiki elahlwayo.
UMasipala uthe lolu hlelo luzosiza osomabhizinisi abancane, abadobi abancane kanye nemiphakathi esogwini ukuze nabo bazuze emnothweni wolwandle.
Kuphinde kuqhakambiswe ukuthuthukiswa kwezokuvakasha zasolwandle, okuhlanganisa imikhumbi yabavakashi kanye nokwakhiwa kabusha kwezindawo zasogwini.
kanye nezikhungo zemfundo, ngaphansi kweBlue Economy Forum esisanda kusungulwa.
U Lungelo Zulu obemele umnyango ongamele ezamapaki (Parks and Recreation) uthi bakulindele ukubona umphakathi uzanamaqhinga amasha okuthuthukisa ukuvikela imvelo namacebo amasha besimanje manje.
“kule Nqunquthela ukuqinisekisa ukuthi konke okwenzakalayo kuyambisana nesimo semvelo nolwandle ukuthi luyavikeleka, imfula amachweba ukuba uyaqhubeka kuvikeleke Kuphinde kuvele namathuba okuba abantu behlomule ngolwazi bekhande amathuba emsebenzi. Inhloso ukuthi kube khona I Bono eyahlukahlukene eqhamuka kwizinhlaka ezizimele nezinye zika uhulumeni nezizimel. Sifisa ukuba nohlaka oluzokwazi ukwenza Nqunquthela ibe yimpumelelo sizophinda sibe nenye esobe sesazi ukuthi sisebenzela phezu kwamaphi amaphuzu”. Kusho u Zulu.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...

Bathemisa Ukuxazulula Izinkinga Zamanzi Ngokushesha

Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene...