umkhandlu we Theku ngokubambisa nenhlangano iMzansi Act Now ukuqhuba umkhankaso wokuqwashisa olungamakhilomitha amane eThekwini.
Loluhambo lwenziwe ngenhloso yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane, ukubulala abesifazane kanye nokuhlukunyezwa (GBVFA), ngokufundisa nokunika amandla abafundi besifazane baseNyuvesi, ngendlela yokuzivocavoca nokuxoxa ngezinkinga.
Lo mcimbi uholwe yiKomidi Lezinsiza Zomphakathi, uhlanganise abafundi besifazane abangama-50 baseDurban University of Technology, lapho behlanganyele khona ukukhombisa ubumbano ekulweni ne-GBVFA. Uhambo beluhlanganisa ukuzivocavoca kanye nezinhlelo zokuqwashisa, kugxilwe ekuphulukiseni njengengxenye ebalulekile yokuxazulula le nkinga isikhathi eside.
Ngokocwaningo lwe-2022 olwenziwa yiHuman Sciences Research Council, bangaphezulu kwamaphesenti angama-35 abesifazane baseNingizimu Afrika abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu abake babhekana nodlame lomzimba noma lwezocansi empilweni yabo. Lezi zibalo zikhombisa ubucayi besimo, okwenza uMasipala uqhubeke nokwethula izinhlelo zokulwa nalolu dlame olubizwa “ngubhubhane lukazwelonke”.
USihlalo weKomidi Lezinsiza Zomphakathi, uKhansela Zama Sokhabase, uthi bayakujabulela ukubambisana neMzansi Act Now kanye nabanye ababambiqhaza ekuletheni izinhlelo zentsha lapho abafundi bengakwazi ukukhula, ukwesekana nokufunda ndawonye.
“Lolu uhambo lokuqala lonyaka phakathi kokubambisana kwanyanga zonke, kanti ikomidi lizobheka izindlela zokwandisa lolu hlelo ukuze lufinyelele kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme, kubandakanya abafundi besilisa nabesifazane,” kusho uSokhabase
Inhlangano iMzansi Act Now, eyasungulwa amadoda aseNingizimu Afrika ngenhloso yokulwa ne-GBVFA, ukweseka intsha kanye nokukhuthaza impilo yamadoda, yamukele kahle ukubambisana noMasipala. Le nhlangano igcizelele ukuthi akekho umuntu okufanele abhekane nodlame lobulili, kungakhathalekile ubulili bakhe.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

