I qembu lezepolitiki i-Inkatha Freedom Party (IFP) seliqinisekise ukuzimisela kwalo ukukhula nokuqinisa amandla njengoba lamukele ngokusemthethweni uDkt Bongani Mncwango njengelungu elisha leqembu. Lokhu kumenyezelwe esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe ema hovisi eqembu le Ikatha Freedom Party eThekwini.
I-IFP iveze ukuthi ukungena kukaMncwango kuyisinyathelo esibalulekile esiqinisa isikhundla sayo ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
UDkt Mncwango, obengu Nobhala-Jikelele weqembu le-Umkhonto weSizwe Party, uletha ulwazi olunzulu kwezobuholi kusukela emkhakheni kahulumeni. I-IFP ikholelwa ukuthi ulwazi lwakhe luzoqinisa isu lokuhlanganisa abantu nokukhulisa ukwesekwa njengoba iqembu selingene ngokuphelele esimweni sokulungiselela ukhetho.
U mengameli we IFP u Velenkosini Hlabisa uthule u Dkt Mcwango ngokuzethemba ngokwazi imvelaphi yakhe namagalelo emsebenzi yakhe.
U Hlabisa uthe ukungena kukaMncwango akusona ukwenzeka ngokungahleliwe , kodwa kuwubufakazi bokukhula kokuzethemba kwabantu kwi-IFP njengendawo yezepolitiki enezinqumo eziqinile,ezihlonipha umthethosisekelo .
“Lokhu akuyona into eyodwa kuphela njengoba abantu abaningi ezweni lonke, abavela emaqenjini ehlukene, sebekhetha ukujoyina leli qembu ngenxa yokubona ukuzinza, ubumbano kanye nokuphatha kahle. Ngomhla ziyi-12 kuMbasa, uzoqhubeka lo mkhankaso wokwamukela amalungu amasha eNkosi Langalibalele e-Estcourt, okuzoqhubeka nokukhombisa ukukhula kwe-IFP ezindaweni zomphakathi. Impumelelo yakamuva okhethweni lokugcwalisa izikhala ikhombisa ukwanda nokwethembeka kwabavoti. Ngomhla ziyi-13 kuMbasa kuzoba nomhlangano woMkhandlu Kazwelonke, kulandele owandisiwe ngomhla ziyi-20 kuMbasa, ozohlanganisa abaholi abangaphezu kuka-600 abavela ezweni lonke ukuze kuqiniswe isu lokhetho. Kusho u Hlabisa.
U Hlabisa uphethe ngokuthi banxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukuvota kusenesikhathi, ngaphandle kokulinda impelasonto yokubhalisa ngoNhlangulana, njengoba ukubhalisa sekuvuliwe ku-inthanethi nasehhovisi le-Electoral Commission of South Africa (IEC).
U Sihlalo we Qembu u Thamsanqa Ntuli wamukele ngazo zombili ukungena kuka Drkt Mncwango uthe ithemba likhulu uma iqembu lijoyinwa nango ngodokotela. “Sizosebenza kanye naye siqhubekele phambili baningi abasafisa ukujoyina iqembu bakhona abazomukelwa ngumongameli abavele sebeqalili ukujoyina.” Kusho u Ntuli.
U Ntuli uphethe wathi baningi abavotayo kukhetho lokuchibiyela bevotela Inkatha kodwa abasiyo Inkatha bayizakhamuzi zasesifundazweni.
U Dkt Mncwango uthi ukubuka ubuholi nenhlalo yaseqenjini kwamane abemfuna ukhethe Inkatha ngoba ihambisana nezinqumo nezifiso zakhe ekusebenzeleni umphakathi. “kufanele uukhetha iqembu ukhethe ngobuhlakani kanjalo futhi nekusasa leqembu nobuholi balo kumele wazi ukuthi kuyaya yini phambili”. Kusho u Mncwango.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

