Bafuna kuvuselelwe ingqalasizinda yemizila ehamba izitimela ezithutha izimpahla. Lokhu kuvele ngesikhathi iqembu lezombusazwe i-ActionSA lisingethe isithangami sabezindaba ngaphandle kwasemtateni eThekwini, NgoLwesine womhlaka 2 May.
“Phambilini bekutshenziswa izitimela ukuthutha impahla, siyiqembu i-ActionSA siphakamisa ukuthi kulungiswe bonke ojantshi bezitimela ukuze kuzobuyelwa ngokuphelele ekusetshenzisweni kwezitimela ukuhambisa izimpahla, ukuze kuzophuma amaloli adala izingozi nesiminyaminya emgwaqeni” Kusho uSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal uMnu Zwakele Mncwango.
Eqhuba lomholi uthe isifundazwe iKwaZulu-Natal sinamachweba amabili angumgogodla womnotho wezwe,okuyichweba laseThekwini kanye nelaseRichards Bay.
UMncwango uveze ukuthi ukuvuselelwa kwengqalasizinda yezitimela kuzobanomthelela omuhle ezeseka ngelithi kuzodala amathuba omsebenzi kuphinde kukhuphule isimo somnotho.