Bazimisele Ukugqugquzela Ukuzivikela Kwamantombazane Kwezocansi

Date:

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Aids Health Foundation (AHF) ibibambe umcimbi Wokugqugquzela amantombazane ukuthi aziqhenye futhi aziqonde ngezempilo zawo eMichelle Park, enyakatho nedolobha laseThekwini. Lo mcimbi, obubizwa ngokuthi Sip and Paint Picnic, ube nentsha engaphezu kwamashumi amane amantombazane ebambe iqhaza ezingxoxweni ezivulekile ezithinta ukukhulelwa kwentsha, ukuzivikela kwezocansi, kanye nendlela yokuziveza ngobuciko. Izikhulumi ebezihlukahlukene kuleli phiknikhi zigcizelele ukubaluleka kokukhulisa amantombazane ngendlela ephumelelayo, ikakhulukazi ngokubaluleka kokukhuluma ngezinkinga ezingoko mgqondo, ukwezethemba kanye

nokubheka ikusasa labo. UNtokozo Mkhize, oyinxusa le-AHF, uthe inhloso enkulu yalo mcimbi ukuba amantombazane aqonde ukuthi anamandla okuzenzela ikusasa eliqhakazile.“Njengentsha, ikusasa likuquleni. Isiqubulo sethu esithi Sip and Paint sisho ukuthi noma impilo inezinselelo, indlela ophila ngayo iyona ezokwenza umehluko. Kubalulekile ukuthi niziphathe kahle, nibe nesibindi sokulandela amaphupho enu,” kusho

uMkhize. U-Anele Ndlovu, onguchwepheshe wezokwelulekwa komqondo, ukhukhuthaza amantombazane ukuthi angesabi ukufuna usizo uma ebhekene nengcindezi.

“Akumele ulinde ube mdala ukuze uqale ukubhekana nezinkinga ezingokomgqondo. Ukukhuluma nomuntu oseduze noma usonhlalakahle kuyasiza kakhulu. Ukuphumela obala kuyindlela yokuvimbela izifo zomgqondo,” kusho uNdlovu. Uphinde wabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokulandela amaphupho abo, kungakhathaliseki izinselelo ababhekene nazo.“Uma kunzima, khumbulani ukuthi zikhona izinhlangano ezifana ne-AHF ezisizayo, ezinganikela ngosizo,” kusho u Ndlovu. Omunye wabahlanganyeli, uNtombenhle Jiyane, oneminyaka engu-15, uthe lomcimbi umenze wazizwa eqhakazile njengentombazane

esakhula. “Lolusuku lube nencazelo enkulu kimi. Lusikhumbuza ukuthi singamantombazane

anamaphupho, futhi kumele sazi ukuthi sinamalungelo ethu. Ngijabule ngoba sikwazile ukukhuluma ngokukhululekile nabanye besifazane abasha ngezinto esibhekana nazo,” kusho uJiyane. Le nhlangano iphinde yagcizelela ukuthi iphrojekthi yayo Girl Act izibophezele ekukhuliseni nasekuqwashiseni amantombazane ngendima yokuzivikela, ukungavumi ukucindezelwa, nokwenza izinqumo ezihlakaniphile ngezempilo zawo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Iqembu Lezepolitiki I-IFP Lidoba Liya Phindelela eqenjini Le MKP.

I qembu lezepolitiki i-Inkatha Freedom Party (IFP) seliqinisekise ukuzimisela...

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...