Kwethulwe ngokusemthethweni Ikzn Netball Super League esifundazweni saKwaZulu-Natal emcimbini obubanjelwe eHollywood Kingsmead Cricket Stadium.
Lo mcimbi ubungewona nje owokwethulwa kuphela, kodwa uhlanganise amaqembu, abaholi, abaxhasi bezemidlalo, kanye nenxenye yomphakathi othanda ibhola lenethiball. Bekuyisikhathi sokubungaza ukukhula komdlalo kanye nokukhulisa amathuba entsha esifundazweni.
Imidlalo yeligi izoqala mhla ziyi-11 kuMbasa 2026 e Hoy Park, lapho kuzobamba iqhaza amaqembu angama-42. Kulindeleke ukuthi kube yisizini yomncintiswano oshubile namakhono aphambili enkundleni.
I ligi iyaqhubeka nokukhula ngenxa yobudlelwano obuhle nabalingani abahlukene. Lokhu kufaka phakathi uMasipala waseThekwini kanye nowase uMhlathuze, nezikhungo zemfundo ephakeme ezifana neDurban University of Technology neNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
UMnyango wezeMidlalo, KwaZulu-Natal uyaqhubeka nokweseka ukuthuthukiswa komdlalo, kanti i-aQuelle isingumxhasi wokunikeza abadlali amanzi. Inkampani iGilbert yona iyaqhubeka nokuhlinzeka ngamabhola asemgangathweni aphezulu.
Abamele omasipala nabo bagcizelele ukuzibophezela kwabo ekusekeleni imidlalo kanye nokwakha amathuba okukhula kwentsha emiphakathini.
Umqondisi wemnyango wezamapaki nokuncebeleka kumasipala EThekwini u Dkt Simphiwe Ndlovu uthe bazimisele ukuba wusizo kulemdlalo. “sinezinsiza Kanye nokuzibophezela ukusingathaimiqhudelwane yaloluhlelolwezemidlalo. Umsebenzi wethu ugxile ekwakheni indawo evumela abasubathi ukuthi bafinyelele ngokuphelele.” Kusho u Dkt Ndlovu.
Ovela kumasipala u Mhlathuze u Cosmos Hlatshwayo uqinisekise ukuzibophezela unyaka wonke emidlalweni. “Lobu budlelwano bubonisa ukuzibophezela kwethu ekukhuliseni i-netball emiphakathini yethu unyaka wonke.” kusho Hlatshwayo.
I Mzansi Sports Live, kulindeleke ukuthi ithule imidlalo bukhoma, iziqephu eziphindwayo kanye nezifinyezo zemidlalo. Lokhu kulindeleke ukuthi kukhulise ukubonakala kweligi kanye nokwethula abadlali abanamakhono kubabukeli abaningi.
UMongameli weKZN Netball, uNkk Gugu Ngema, uthe le ligi imele amaphupho abadlali, amathuba kanye nokuzimela, futhi ikhombisa ukuthi ibhola lenethiball selikhuphuka liya esicongweni kwezemidlalo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

