Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene nayo, inkampane ephakela amanzi uMngeni-uThukela Water imemezele ukuthi ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi kubangelwe ukulimala kwezinjini ngesikhathi sesiphepho esinamandla, kanti umsebenzi wokulungisa usuyaqhubeka ukuze kuqhutshekwe kutholakale amanzi
Isiphepho esishaye le ndawo sidale umonakalo omkhulu ezinhlelweni zokuphakelwa kwamanzi, lapho khona izinjini ezimbili zephampu ezilimale khona. Lenjini isusiwe yathunyelwa komakhenika ukuze ilungiswe ngokushesha.
Ngokwesitatimende esikhishwe uMngeni-uThukela kulindeleke ukuthi enye yalezinjini ibuyiswe ekuseni ngoLwesibili, zingama-31 kuNdasa 2026, ukuze ifakwe futhi kuqale ukuhlolwa kokuthi usulungele yini ukusebenza.
Izindawo ezithintekile zihlanganisa iHowick, Howick West, Mpophomeni, Hilton, Vulindlela, Mshwathi, Montebello kanye ne-Ozwatini, lapho izakhamuzi zibhekene khona nobunzima bokungabi namanzi.
Umzamo wokusebenzisa imoto eseceleni awuphumelelanga njengoba nayo yehlulekile ngesikhathi sokuhlolwa ngenxa yokunye ukushaywa wugesi okubangelwe ukungalingani kwamandla. Nokho, nalokhu sekulungiswa.
U Mngeni-uThukela Water ixolise kakhulu kubahlali ngokuphazamiseka okubangelwe yilesi simo, iqinisekisa ukuthi abasebenzi basebenza ubusuku nemini ukubuyisela ukuhlinzekwa kwamanzi ngokushesha.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

